UBrown, 25, uphinde waqinisekisa ukuthi babuyelene nentombi yakhe uTran, 26, wathi uyabonga ukuthi imbekezelele iminyaka emihlanu yonke, yize ngisho esebheda.
Esithombeni asifake ku-Instagram salo nobuhle, ubhale ngezansi wathi: “Sesizoqeda iminyaka emihlanu sithandana nale ntokazi, ingibekezelela. Kumele sibe nengane siyeke ukudlala umacashelana.”
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, uTran, ufake isithombe salesi sihlabani seRun It, wathi uyazifela ngaso.
UTran uchaze uBrown njengomngani wakhe omkhulu, isithandwa sakhe, athi wenza konke naso.
Lezi zithandani zaqubula amahlebezi athi zibuyelene ngempelasonto kulandela ukubonakala zinamathelene ngempelasonto.
Laba kwabikwa ukuthi bahlukene ngesonto eledlule.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter