Johannesburg - Unontandakubukwa onguKhanyi Mbau wahubhuza amanga ethi uzithwele ngoba efuna ukwamukelwa emndenini wesoka lakhe elisha uTebogo Lerole weqembu iKwela Tebza, kubika i
Sowetan.
Ngesonto eledlule uMbau wethusa abantu abaningi ngesikhathi eveza ukuthi ukhulelwe ohlelweni oludlala kuSABC1, i
The Real Goboza.
Imibiko yeSowetan Live ithi uMbau akakhulelwe.
Kuthiwa waqamba la manga ngoba efuna ukwamukelwa ngumndeni, ekuthiwa awumthandisisi kahle uMbau.
Umngani wezithandani uthi isenzo sikaMbau sinenge kabi umndeni wakwaLerole.
"Ukwenza kukaKhanyi sekunenge kakhulu umama wakwaLerole nokuthiwa sebeke bathathana ngamazwi kwaba ncane indawo," kusho umngani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24