New York - Umfowabo kaKim Kardashian, uBrody Jenner, ukhulume wathi umfowabo uBrandon Jenner waqabulana nodadewabo abangazalani naye, uKim.
UBrody, 30, ukhiphe lezi zindaba ezishiye abaningi bebambe ongezansi ngesikhathi kuqhubeka uhlelo i-Keeping Up with the Kardashians.
Umama walaba, uKris Jenner uzwakale ethi: "Ngibona sengathi uBrody unemizwa kaKim. Ngicabanga ukuthi lokhu kwaqala eneminyaka eyisikhombisa ubudala."
UBrody ukuphikile lokhu wase egadla ngokuthi umfowabo omdala nguye owaqabulalana noKim, ngakho akungabhekwa yena.
"KwakunguBrandon noKim abaqabulana kubuka wonke umuntu."
UBrandon, 33, uziphikile lezi zinsolo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter