Cape Town – Inkakha yomculi waseNingizimu Afrika uLetta Mbulu uzohlonishwa emcimbini we-International Women’s Forum Legacy Awards ozobanjelwa eSandton Convention Centre.
Ngokuthola kweNews24 lo mculi uzohlonishwa ngeqhaza lakhe emkhakheni womculo nokulwela intando yeningi.
UMbulu oshade nenye inkakha emculweni uCaiphus Semenya uzohlonishwa kulo mcimbi ozoba ngoLwesihlanu lapho uNgqongqoshe wezabeSifazane, Izingane nabantu abaphila nokukhubazeka uSusan Shabangu ezokwethula inkulumo.
Ephawula ngezindaba zokuhlonishwa kwakhe uMbulu uthe uzizwa ehloniphekile ngokuhlonishwa yinhlangano i-International Women’s Forum.
OLUENYE UDABA: Abalandeli bazoxhasa ngemali abahlulwe kwiBig Brother
“Kuyajabulisa ukwazi ukuthi abantu bayawulalela umsebenzi wakho.
"Lokhu kungenza ngizizwe ngikhethekile,” esho kwisitatimende.
UMbulu wazakhela udumo ngezingoma zakhe okubalwa kuzo Not Yet Uhuru nethi Ndiphendule nezinye.
Kulindeleke ukuthi lo mcimbi abesifazane abaqhamuka emikhakheni eyahlukene emazweni abalelwa ku-50 bahlangane kulo mcimbi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho