Share

ULvovo ufuna ukujimiswa uBouga Luv

Johannesburg – Ufuna ukulolongwa uBouga Luv umculi wekwaito wodumo uLvovo Derrango onesifiso sokugijima iComrade Marathon kulo nyaka ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSunday Sun uDerrango osanda kuhlabana nendondo yamaMetro FM Awards uqale lo nyaka efukuza kanzima ejimini elungiselela ukugijima umjaho wedumela osuka eMgungundlovu olubangisa eThekwini.

Kulo nyaka uDerrango ogamalakhe langempela nguThokozani Ndlovu ubesejwayele ukufaka izithombe zakhe ezilolonga ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokuthola kwaleli phephandaba uDerrango uqale ukungalubhadi ejimini ngemuva kokunqoba indondo yamaMetro kanti manje kubukeka sengathi useqala ukusalela ngemuva ezinhlelweni zakhe.

“Isikhathi asisekho uma esazimisele ngempela ukugijima lo mjaho njengoba esebuyele ekudleni ukudla okunamafutha futhi engasayi nasejimini,” kusho umthombo unanela ngokuthi umuntu ozamayo ukumsiza yimeneja yakhe uSthabiso.

OLUNYE UDABA: OweKalawa uqokelwe owezindondo eLimpopo

Omunye umthombo uthe uDerrango usezinhlelweni zokuthola uKabelo Mabalane (Bouga Luv) ukuze amlolonge ngaphambi kwalo mjaho.

Ethintwa uLvovo uvumile ukuthi isikhathi sesincane.

“Ngiphazanyiswe yimicimbi zokubungaza ukunqoba indondo yamaMetro ngaphutha ejimini ngaqala ukudla inyama nokunye okungalungile.

Kodwa ngisazimisele ukuqhubeka nalokhu ebengikuhlelile ngoba angikwenzeli mina kodwa ngisiza umphakathi,” esho.

“Ngibukela kakhulu kuBouga Luv futhi ngingajabula uma engase angilolonge.”  

UBouga Luv ethintwa ngalokhu uthe:

“Ngizokhuluma no-Lvovo uma sengumbona emcimbini wamaSouth African Music Awards.”

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 310 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 445 votes
Vote
Rand - Dollar
18.97
-0.3%
Rand - Pound
23.97
-0.3%
Rand - Euro
20.48
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
911.60
+1.6%
Palladium
1,012.97
+1.1%
Gold
2,214.54
+0.9%
Silver
24.90
+1.0%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE