Johannesburg – Njengoba abalingisi beGenerations abaxoshiwe besacabanga ukuthi bazothathani bahlanganise nani, umnikazi walo mdlalo oyintandokazi eNingizimu Afrika uvakashele eMackinac Island, eMelika.
UMfundi Vundla uhambele endaweni kanokusho ngoMgqibelo ohambeni lwakhe athi uyaludinga kakhulu ukuze aphumule bese ecabanga nendlela entsha azoyisebenzisa kuGenerations.
Usheshe wakucacisa ukuthi isiqembu esisha ngeke sibe nabalingisi abangu-16 abaxoshwa ngeledlule.
“Ngeke ngikwazi ukuphinde ngisebenzisane nabo futhi,” usho kanje.
“Ubudlelwane bethu abusebuhle manje, ngemuva kwakho konke okwenzekile, okubalwa kukhona namanga akhulunywa esithangabini sabezindaba,” kusho uVundla.
Nakuba kusanomdonsiswano kuGenerations, iSABC ihlela ukuhlangana nabalingisi ngenhloso yokudingida ngekusasa labo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.