Share

UMkhandlu uqoke osaziwayo ngokuheha izivakashi

Richards Bay – UMkhandlu woThungulu uqoke osaziwayo abahlukene abadabuka ngaphansi kwezindawo ezakhelene nawo ukuba babe ngamanxusa okuheha abavakashi. 

UMkhandlu Uthungulu, oholwa yiMeya uThembeka Mchunu, wakhelene nezindawo eziningi ezahlukene kanti ubalwa nabanye abakhulu esifundazweni KwaZulu Natal.

Lo mkhandlu ugabe ngesikhumulo sezindiza, ichweba, iziqiwi, ulwandle kanye nezinye izindawo ezinomlando onzulu okuhlanganisa nesikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi yaseZululand (uNgoye). 

OLUNYE UDABA: Bahlukene uKhaya noNomzamo

Phakathi kosaziwayo abaqokwe  ukuthi babe ngamanxusa kubalwa uJessica Nkosi odlala indawo kaQondi emdlalweni Isibaya, Phindile Gwala odlala indawo kaNonny kwiMuvhango, uDumo Cebekhulu ongumethuli wezinhlelo kwi-1 KZN TV, DJ Franoz, DJ Ankel noJabulani Shandu. 

Echaza ngokuqoka kwakhe uJessica uthe uzizwa ehloniphekile ukuthi ahlonishwe nguMkhandlu adabuka kuwona.

“Ngiyintombazane nje ekhulelele Esikhawini eyenza into eyithandayo okuwulingisa.

Ngikhumbula ngifika eGoli uma ngitshela abantu ukuthi ngisuka eKZN babengibuza ukuthi ngeTheku.

Ngangibatshela ukuthi ngiseSikhawini kodwa okubalulekile kubona kwakuwukuthi kukude kangakanani kuneTheku,” kuchaza le ntokazi esiphenduke intandokazi kubathandi beSibaya esidlala kuMzansi Magic phakathi nezinsuku.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
33% - 204 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
67% - 413 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
-0.5%
Rand - Pound
23.73
-0.5%
Rand - Euro
20.26
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.24
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
976.50
-0.1%
Palladium
1,021.00
-0.2%
Gold
2,367.06
-0.7%
Silver
28.29
-2.0%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
67,138
-1.8%
All Share
73,283
-1.7%
Resource 10
61,807
-3.2%
Industrial 25
99,103
-1.0%
Financial 15
15,637
-1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE