Johannesburg - Umculi wekwaito uMsawawa, kubikwa ukuthi yize engasenawo umuzi kepha umshado wakhe noSugar Mama wakhe, u-Angela Gwala, 36, uyaqhubeka ngoSepthemba.
Ngokomthombo, uMsawawa, ogama lakhe langempela nguSiboniso Dlamini, uxoshiwe emzini abehlala kuwo nengoduso yakhe ngemuva kokuthi uGwala ethole ukuthi uBen 10 wakhe ujola nodadewabo.
Ekhuluma neSowetan, uDlamini, 25, uziphikile izinsolo zokuthi usengundingasithebeni, waqinisekisa ukuthi impela uzoshadelwa.
Uthe ufuna “umshado wonyaka” into abantu okuzoba nzima ukuthi bayikhohlwe.
OLUNYE UDABA: Ngingumqemane - Msawawa
“Lawo ngamanga nje, lowo ofafaza leyo nto uyisilima. Akukho zinkinga phakathi kwami nonkosikazi wami,” kusho uMsawawa ngesikhathi ebuzwa ngezinsolo zokujola nomlamu wakhe.
Umthombo uqhuba ngokuthi umshado ngeke uqhubeke ngoba abakwaDlamini abahambisani nokuthi uMsawawa ashadelwe uSugar Mama.