Johanneburg - Umdlali we-Orlando Pirates, uLehlohonolo “Major” Majoro usezitholele isipho esikhulu ngemuva komsebenzi ‘omuhle wasembhedeni.’
ISunday Sun ibika ukuthi lo mshayi magoli ushaye inqaku elihle kabi embhedeni kanti manje usethole isipho sokuba ngubaba.
Funda nalolu daba: Umqeqeshi wodumo kolwesondlo
Lokhu kungemuva kokuba ingoduso yakhe yaseZambia, uDhivia Nkhatha, ethole ingane yentombazane kuleli sonto.
Umngani osondelene kakhulu nalo mdlali uthe uMajor ujabule ngendlela engachazeki!
“Laba bobabili sekuphele isikhathi eside behlala ndawonye futhi bathandana kakhulu.”
Umthombo uthe uMajor wayeseceleni kwengoduso yakhe ngesikhathi ibeletha.