Johannesburg - Umrepha ophinde abe ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude uProverb ukuqinisekisile ukuthi umkakhe weminyaka engaphezulu kweyishumi, u-Onalerona, unesoka.
I?Sunday Sun ibike ukuthi lo methuli we-Idols waphingelwa ngunkosikazi wakhe nosomabhizinisi u-Edwin Sodi.
Kulo mbiko, laba bobabili bahlangana endaweni okugezwa kuyo izimoto eRuimsig, baqala lapho ukujola.
Abalandeli baProverb bazwakalise ukuphoxeka kanye nokudabukela lo mculi ngokumehlele kwazise ukuthi bebengezinye zezithandani okubukelwa kuzo uma kukhulunywa ngomshado.
OLUNYE UDAA: Akusilo icala ukuphinga - Ijaji
"Konke sekuqinisekisiwe, kuyiqiniso. Nami ngathola ngoLwesihlanu ngase ngiba nosuku olulodwa nje vo ukuthi ngikwazi ukubhekana nesimo," kubhala uProverb enkundleni yokuxhumana uTwitter.
U-Onalerona no-Edwin bayaziphika lezi zinsolo bathi bangabangani bona.
UProverb uthe kukhona konke okuzokwenzeka udabukela izingane zabo ezimbili.