Johannesburg - Umrepha wakuleli osezakhele udumo ngesitayela sakhe esihlukile, u-iFani, uthi akalindele ukuba ixolise noma imnxephezele ngemali inkampani yezomculo asayine ngaphansi kwayo, kepha ufuna imdedele.
"Ngifuna bangikhulule nje qha," kusho lo mculi, ogama lakhe langempela kunguMzayifani Boltina, etshela iphephandaba iDaily Sun.
Uthi okumcika kakhulu ukuthi le nkampani ayiwuthathi umculo wakhe njengoseqophelweni eliphezulu futhi ayifuna ukumdedela uma ethi ufuna ukuhamba.
“Kuyacika ngoba kubona yonke into ingemali. Njalo uma ngingena emasangweni alesiya sitebele, ngiyazisola ngokusayina nabo," esho.
Ezinye zezinto akhala ngazo u-iFani ukuthi le nkampani iyanqaba ukukhipha ama-CD awinwa ngabalandeli ngesikhathi kunomncintiswano, waphinde waziyela ngemali yakhe eKapa eyosabalalisa umculo wakhe eziteshini zomsakazo.
OweSony Music, uZakes Bantwini, uthe u-iFani usacasukile okwamanje usazobohla.
"Kufana nokuthi uthi uyawuzonda umndeni wakho ngoba nakhu usadiniwe," kusho uBantwini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook