Johannesburg - UBongani Gumede, ongumlingisi weSibaya, uchithe isonto eledlule esesibhedlela.
UBongani, odlala indawo kaMandla Ndlovu, ungeniswe eRietvlei Hospital eMzimkhulu, eningizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal.
Imithombo yeSunday Sun ithe lesi sihlabani sifike esibhedlela sihamba ngemoto yohlobo lwe-Audi A3 ngoLwesibili ntambama.
“Kodwa wayengazishayeleli. Kunomunye umuntu owayemshayelela. Ngesikhathi efika esibhedlela kwadingeka ukuba asizwe ngesikhathi esekhishwa emotweni engeniswa ngaphakathi,” kusho umthombo.
“Ngesikhathi kubonakala i-Audi A3 enezinombolo zaseGoli izopaka, wonke amehlo ayethe njo kuyona. Sabona uGatsheni ekhishwa kuyona. Wazama ukucasha kodwa sasesimbonile. Sagijima sayomshutha kodwa akakuthandanga lokho,”kusho umthombo.
Funda nalolu daba: Usaziwayo ukhala ngephutha lesibhedlela sikahulumeni
Isisebenzi sasesibhedlela sithe isimo sikaGatsheni sasisibi kakhulu ngendlela yokuthi wayengafuni nokuvakashelwa.
“Akuvunyelwanga ngisho nomndeni wakhe ukuba ungene. Asazi ukuthi yini emkhathazayo ngoba akekho ofuna ukukhuluma,”kusho umthombo.
Okhulumela iSibaya, u-Emma Ngomane, ukuqinisekisile ukuthi uGatsheni ungeniswe esibhedlela.
“Siyaxhumana noBongani Gumede futhi singakuqinisekisa ukuthi usephumile esibhedlela,”kusho uEmma.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.