Johannesburg – Sekuphele amasonto manje uBoity Thulo noCassper Nyovest besematheni, kusukela badalula ubudlelwane babo emphakathini.
Abantu abakhuluma ngakho wukuthi lezi zithandani ziyafanelana kodwa nomakunjalo ungalindeli ukuthi zithole izingane maduzane
Ngesikhathi esohlelweni lwe-etv's Hush, uBoity udalule ukuthi ufuna umuntu wakhe aqale amshade kuqala.
Funda nalolu daba: UNkhatha utholele owePirates ingane
"Ngeke kubekhona zingane okwamanje, kuzomele aqale ngokungifaka indandatho,” usho kanje.
Lesi sihlani siphinde sadalula ukuthi baqala ukuthandana ngomhlaka 1 Julayi kanti besekuphele izinyanga ezintathu belokhu bebonana.