Share

Ugubhe elamagugu ngomcimbi wesintu umkaVuyo Mbuli

Johannesburg – Ugubhe usuku lwamagugu ngokwenza umcimbi wesintu uSavita Mbuli owayeshade nomfundi wezindaba ongasekho uVuyo Mbuli emzini wakhe oseHoughton eGoli.

Ngokubika kwe-Drum uSavita ongusomabhizinisi ubenze umcimbi wesintu obuhanjelwe yizihlobo nabangane nezinye izicukuthwane ezahlukene.

Kubikwa ukuthi iningi lezi zicukuthwane kulo mcimbi zitheleke zidlubhe ezesintu noyinto ebihambisana nesimemo.  

OLUNYE UDABA: Uchazwe njengesibonelo esihle uVuyo Mbuli

Kubikwa ukuthi uSavita ubebukeka emuhle nengqephu yakhe yakwaXhosa.

Lo mcimbi kubikwa ukuthi ubuhanjelwe nangosaziwayo abahlukene okubalwa noSonia Sedibe.

UVuyo ushone ngokukhulu ukuzuma ngonyaka owedlule ngemuva kokuxinwa yisifo senhliziyo esendaweni yezicukuthwane enkundleni yomdlalo wombhoxo eBloemfontein ngesikhathi ehamba nendodana yakhe.

Kuningi okubikwe ngoSavita nangendlela aziphatha ngayo selokhu ashonelwa wumyeni wakhe obeyintandokazi kubabukeli beMorning Live obeseze ateketiswe ngelikaMr Sharp Sharp ngenxa yendlela abevalelisa ngayo kulolu hlelo.  


   -
“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 616 votes
No! It's time to move on ...
35% - 326 votes
Vote
Rand - Dollar
18.99
+0.2%
Rand - Pound
23.76
+0.2%
Rand - Euro
20.37
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
932.90
+0.8%
Palladium
994.00
+0.4%
Gold
2,339.44
+0.3%
Silver
27.62
+0.7%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE