Johannesburg - Umklomelo we Audience Choice Award utholwe nguSifiso Nene, nge’Deep Fried Man’, kubika i
Sowetan.Lo somahlaya ushiye ababukeli besafuna impinda ngoLwesibili ebusuku eMonteCasino emcimbini iThe Comic's Choice Awards.
Kulo mcimbi bekugcwele kakhulu ukudlula yonke imicimbi yamahlaya esike yabakhona ibanjelwe endaweni eyihholo, kusho abahleli balo mcimbi esitatimendeni.
Kulo mcimbi bekukhona uCasper De Vries, Dave Levinsohn, Mark Banks, Robert Whitehead noMpho Popps Modikwane.
Izethamele ziphinde zathokoziswa yi-Johannesburg Youth Ballet, nesiPhephelo Community Choir.
UJohn Vlismas ongomunye wabahleli bomcimbi ujabule kakhulu ngokwesekwa abantu nabanye osomahlaya.
Abadle umhlanganiso yilaba:
Comic of the Year Award - Trevor Noah
Audience Choice Award - Sifiso Nene
Newcomer Award - Dillan Oliphant
Breakthrough Act Award - Tats Nkonzo
Comic's Pen Award - Alyn Adams
Lifetime Achiever Award - Joe Parker
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News24