Johannesburg - Usaziwayo ongumathanda izinto oke waba nyamanambana ngenxa yokwedelela nokuziphakamisa uNonhle Thema, usabalalise izindaba ezithi ukhulelwe, kubika iphephabhuku i
Drum. UNonhle ubhale amaTweets ethi "Ngijabule kakhulu ukuthi sengizokuba ngumama"
Ebuzwa yiDrum, uNonhle uvumile ukuthi ukhulelwe nokho wala ukudalula uyise yomntwana.
"Ngijabule ngiyafa ukuthi ngizoba umama, abantu kumele bangasuki komabonakude babo ukuze bezokuzwa konke," esho.
Okwamanje abaningi baqagela ukuthi ubaba wengane ngumrepha wese-Angola uYoung Nucho ofana ncamashi nomrepha waseMelika uLil Wayne.
-
Lolu daba ungaluthola luphelele kuDrum
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).