UKnowles ozala uBeyoncé noSolange, ubelokhu ephika njalo ukuthi ungubaba wengane kaBranscomb, owakhulelwa ngo-2010.
Ukuhlolwa kwegazi kuthi angu- 99.998% amathuba okuthi uKnowles ngubaba.
Unobuhle uthi uzimisele ngokuthi aphoqe uKnolwes akhokhe isondlo.
Funda nalolu daba: Abazali bakaBeyonce bazohlukana
UKnowles waxoshwa yindodakazi yakhe ekubeni yimeneja yayo ngo-2011, kusukela aphelelwa umsebenzi, izimali azingeni kahle.
Ngonyaka ka-2010, uKnowles wavuma ukuthi ungubaba kaNixon, 4, amthola ku-Alexsandra Wright.
Lokhu kwaholela ekutheni kuphele umshado wakhe weminyaka engu-30 nonkosikazi wakhe uTina.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.