Share

Ulusizi othi uthathelwe intombi umdlali webhola

Johannesburg - USiphiwe Khumalo owephuke inhliziyo utshele iDaily Sun ukuthi umdlali odumile webhola ubelala nentombi yakhe!

Lo mlisa oneminyaka engu-29 ubudala waseTembisa, Ekurhuleni uthi wayezitshela ukuthi njalo uma eya emsebenzini intombi yakhe eneminyaka engu-19 ubudala, isala ilungiselele ukuya esikoleni.

Uthi ubengazi ukuthi iyasala ihambe iyojola nomdlali weMpumalanga Black Aces, uThemba Zwane, 24.

“Kwakumele lento ngiyibambe kudala ngoba njalo uma sihleli ndawonye sibuka ibhola wayengibuza imibuzo ngoThemba,” kusho uSiphiwe.

“Ngahlangana naye eneminyaka engu-14, ngamthanda nje ngiqala ukumbona. Ngenxa yokuthi wayesemncane, ngaya kokhuluma nomndeni wakhe, wavuma ukuba ngihlale naye uma eseneminyaka engu-16 ubudala," kulandisa uKhumalo.

"Bengifuna ukumkhulisa abe ngunkosikazi wami.”

UKhumalo odabuke ekujuleni kwenhliziyo, uthi imikhuba yentombi yakhe uyizwe  eyakobuka ibhola eLoftus Stadium eTshwane.

“Wangitshela ukuthi uyolala kamama wakhe ngoba umfowabo usele ekhaya kubo. Ngajabha emizamweni yami yokumumangaza ngimvakashela engazelele ngesikhathi ngimfonela evala ucingo," kuchaza olahlekelwe.

UKhumalo uthi wazibonela intombi iphuma emotweni kaThemba.

Kubuzwa owesifazane, uvume wonke amacala akhe.

“Ngiyaxolisa futhi sengiyabona ukuthi uThemba wayefuna ukulala nami nje kuphela.”

UThemba, uyakuphika ukuthi balala.

“Yibuphi ubufakazi anabo bokuthi ngalala nentombi yakhe? Abantu bahlale besicabangela izinto ezibhedayo ngoba singabadlali bebhola. Mina nginonkosikazi nengane esanda kuzalwa," kusho uThemba.
 





  -
Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

  - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 550 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 794 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.85
+0.2%
Rand - Euro
20.37
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE