Lo mlisa oneminyaka engu-29 ubudala waseTembisa, Ekurhuleni uthi wayezitshela ukuthi njalo uma eya emsebenzini intombi yakhe eneminyaka engu-19 ubudala, isala ilungiselele ukuya esikoleni.
Uthi ubengazi ukuthi iyasala ihambe iyojola nomdlali weMpumalanga Black Aces, uThemba Zwane, 24.
“Kwakumele lento ngiyibambe kudala ngoba njalo uma sihleli ndawonye sibuka ibhola wayengibuza imibuzo ngoThemba,” kusho uSiphiwe.
“Ngahlangana naye eneminyaka engu-14, ngamthanda nje ngiqala ukumbona. Ngenxa yokuthi wayesemncane, ngaya kokhuluma nomndeni wakhe, wavuma ukuba ngihlale naye uma eseneminyaka engu-16 ubudala," kulandisa uKhumalo.
"Bengifuna ukumkhulisa abe ngunkosikazi wami.”
UKhumalo odabuke ekujuleni kwenhliziyo, uthi imikhuba yentombi yakhe uyizwe eyakobuka ibhola eLoftus Stadium eTshwane.
“Wangitshela ukuthi uyolala kamama wakhe ngoba umfowabo usele ekhaya kubo. Ngajabha emizamweni yami yokumumangaza ngimvakashela engazelele ngesikhathi ngimfonela evala ucingo," kuchaza olahlekelwe.
UKhumalo uthi wazibonela intombi iphuma emotweni kaThemba.
Kubuzwa owesifazane, uvume wonke amacala akhe.
“Ngiyaxolisa futhi sengiyabona ukuthi uThemba wayefuna ukulala nami nje kuphela.”
UThemba, uyakuphika ukuthi balala.
“Yibuphi ubufakazi anabo bokuthi ngalala nentombi yakhe? Abantu bahlale besicabangela izinto ezibhedayo ngoba singabadlali bebhola. Mina nginonkosikazi nengane esanda kuzalwa," kusho uThemba.
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.