Ephumela obala ngalesi sinqumo sakhe, ubhale kuFacebook, wathi ukhathele ukumataniswa nabantu abamnyama, ethi banemikhuba emimbi efana nokubulala nokudlwengulwa kwabesifazane nezingane.
Funda nalolu daba: Ngiyanimemea emngcwabeni wami - IBhokobhoko
USandy uthe unquma ukuzichaza njengomuntu oBrown, kuze kube abantu abamnyama bayeka imikhuba yabo emibi.
Lo mculi ungomunye wabantu abaningi baseNingizimu Afrika abazwakalise ulaka lwabo ngokubulawa ngesihluku kukaSenzo Meyiwa, obedlalela iBafana Bafana ne-Orlando Pirates.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.