Atlanta - Inkakha yomculo we-R&B uBobby Brown ukhulume okokuqala ngqa ngokushona kwendodakazi yakhe uBobbi Kristina Brown, wayichaza njengengelosi.
UBobbi Kristina, oyindodakazi yomzwilili ongasekho emhlabeni uWhitney Houston, ushone ngeSonto ngemuva kwezinyanga eziyisithupha angeniswa esikhungweni esinakekela abagulayo e-Atlanta.
Iziphathimandla kumanje ziyaphenya ngokushona kukaBobbi, 22.
"UKrissy ubeyingelosi futhi namanje useyiyo," kusho ubaba wakhe esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: 'Akusekho okungenziwa ukuhlenga uBobbi Kristina'
"Okwamanje angizazi nokuthi ngizizwa kanjani ngokusehlele. Umndeni wami kumele uthole indlela yokuphila nomphefumulo wakhe uphinde umhloniphe. Angeke ngakwazi ukuchaza indlela esilahlekelwe ngayo."
UBobbi Kristina wangeniswa esibhedlela ngemuva kokutholakala kubhavu wokugeza engasaphefumuli ngasekuqaleni kwalo nyaka - nokuyindlela efanayo umama wakhe ashona ngayo eminyakeni emithathu eyedlule.
UBobbi Kristina ubenguzinyobulala kaHouston noBrown.