Beverly Hills – Umculi uRay J uwaphikile amacala abebhekene nawo okuhlukumeza owesifazane nokunqaba ukuboshwa.
Ngokusho kombiko lo mculi ubevele enkantolo yeMantshi yaseLos Angeles ngoLwesibili lapho ebebhekene khona namacala ahlukene.
Lo mculi ogama lakhe langempela nguWilliam Ray Norwood wahlukumeza owesifazane, walimaza impahla kathi sekufuke amaphoyisa wanqaba ukuboshwa.
Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 28 ku-Agasti 2014 ukuzolungiselelwa ukuqulwa.
URay J waboshwa ngomhlaka 30 kuMeyi esehhotela iBeverly Wilshire.
Amaphoyisa athi ngesikhathi efika ezombopha lo mculi wavuka indlobane waba nolaka.
URay J ungumfowabo wentandokazi yomculi Brandy Norwood.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter