Jojannesburg - Usomahlaya wakuleli, uTumi Morake, wangena esikhaleni somlingisi uPhumeza Mdabe sokwethula uhlelo oluyintandokazi kumabonakude olukhonjiswa kuMzansi Magic, i-Our Perfect Wedding.
Ngesikhathi uPhumeza ethula lolu hlelo wakhala ngokungabinaso isikhathi esanele nomndeni wakhe, waphinde wathi uyakuzonda ukungasichithi isikhathi esanele nezingane zakhe.
UTumi ukhulume nabephephabhuku iMove wathi uhamba kakhulu kodwa ngenhlanhla umyeni nezingane zakhe bayameseka ngomsebenzi wakhe.