New York- Umfowabo wesihlabani somculi uJennifer Hudson uboshwe ngamaphoyisa ngemuva kokugwaza kanzima owesilisa amfice nomkakhe angasahlali naye.
Ngokubika kwe-Timeslive uStephen Simpson ozalwa nguyise kaHudson ugasele emzini kalo wesilisa wamfica enomkakhe wamgwaza kanzima ebusweni.
USimpson usesitokisini eMichigan kanti kulindeleke ukuba abekwe icala lokuzama ukubulala nokugasela emzini womuntu ngaphandle kwemvume.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ekuseni ngoMsombuluko.
Umakhelwane walona wesilisa uTorrey Hunt uthe umfice egobhoza igazi ekhala efuna usizo ngezikhathi zabo-03:00 ekuseni.
“Ungitshele ukuthi kunomuntu ongqongqozile wamvulela wabese esemngenela ngommese,” kuchaza uHunt.
“Ngithe ngivula umnyango ngahlangatshezwa yigazi yonke indawo. Ubenamanxeba okugwazwa ebisweni nasesifubeni futhi eshayekile engalweni,” kusho uHunt.
Kuthiwa uSimpson unomlando ngokuhlukumeza kanti akwaziwa noma unabo yini ubudlelwano nodadewabo oculayo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho