Johannesburg – Isikhondlakhondla somsakazo iMetro FM simise isilomo somsakazi uTbo Touch oshayela uhlelo lwantambama iThe Touch Down phakathi nezinsuku ngokusho kombiko.
Ngokubika kweSunday Sun uTouch umiswe nozakwabo ofunda izindaba kulolu hlelo uRefiloe Mpakanyane ngokuba “nomlomo omanzi” nokungayihloniphi imithetho yesiteshi.
Umthombo waleli phephandaba uthe uTouch ogamalakhe langempela nguThabo Molefe noRefiloe bathole izincwadi zokumiswa kwabo ngesonto eledlule.