Emcimbini wakamuva weMetro FM, uJanuwary wafika engahambi nesoka lakhe, uMhlo, kepha labonakala selithi memfu lihamba noKelly benoZandi.
Ekhuluma neSunday Sun ngemuva kwalo mcimbi, uMhlo wathi akukho okuqhubekayo phakathi kwakhe noZandi.
OLUNYE UDABA: UKelly Khumalo uyindlovukazi - Bhaka
Ubudlelwano bukaMhlo noSiphokazi bagqama ngonyaka odlule ngesikhathi kuthiwa uSiphokazi waxwayisa umlingisikazi oyisingqazu uNomzamo Mbatha ukuthi adlalele kude nesoka lakhe.
Kuthiwa lokhu kungemuva kokuthi uSiphokazi abona imiqhafazo evuthayo phakathi kukaMhlo noMbatha.
Ngonyaka odlule, uZandi kwabikwa ukuthi uthandana nendodana kaChicco Twala, uLongwe Twala, okuthiwa naye wayekhona ngesikhathi kubulawa uSenzo Meyiwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho