Johannesburg - Abalandeli bomsakazi weMetro FM bathola okukhulu ukuphoxeka ngesikhathi umsakazi wodumo lo kudlala umculo omnandi futhi opholile njalo ngeSonto engafuni ukuthatha izithombe nabo.
UWilson B Nkosi oshayela uhlelo iSounds and stuff like that ubevakashele KwaMashu endaweni yobumnandi i-One and Only ngeSonto lapho afike waphoxa khona abalandeli bakhe kanzima.
UWilson B Nksoi wakubeka kwacaca ukuthi akafuni ukuthatha izithombe nabantu kangangokuba kwaze kwangenelela onogada ukuze bamuvikele emakhamereni.