Johannesburg – Usegunjini labagula kakhulu eseibhedlela saseSandton usomabhizinisi omodelayo uSonia Booth ongunkosikazi waloyo owayegijima kwiBafana Bafana uMatthew Booth.
Ngokubika kweSowetan lo mama wabantwana ababili bekumele athule ngokusemthethweni incwadi yakhe esihloko sithi How to Reinvent Yourself and Stay Relevant kusasa ngoLwesine.
USonia kubikwa ukuthi ungeniswe egunjini labagula kakhulu ngemuva kokuhlinzwa kathathu ezinsukwini ezine kanti ngenxa yokuxineka kwakhe ngeke esakwazi ukuqhubeka nomcimbi wokwethulwa kwencwadi yakhe.