Umembeso ube kubo kwengoduso uGloria Bluebird, ngoMgqibelo, e-Eastwood, eMgungundlovu.
USox, 37, ogama lakhe langempela nguMbusi Sokhela noGloria oneminyaka engu-30 ubudala sebethandane iminyaka engu-13 kanti bathembisana umshado ngonyaka ka-2009.
OLUNYE UDABA:Usethathiwe uBucie - Umbiko
Lezi zithandani zinengane yomfana ogamalayo nguMvelo.
Ebuzwa ukuthi uzizwa enjani uSox, ukhombise injabulo wathi: "Ziyasha," kubika abeSunday Sun.
Kwabakade bemenyiwe kubalwa uDJ Black Coffee, umculi uBhar, uDJ Cndo nosomabhizinisi baKwaZulu-Natal.
"Umshado wesibili siwuhlelele uJanuwari kunyaka ozayo," kusho uSox.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho