Johannesburg - UMandla Hlatshwayo ophenduke inkinsela ewina emcintiswaneni iBig Brother Mzansi, naphume kuwo no-R1 million, ubhekene notalatiya lokungazi ukuthi uzokhetha yiphi intombi.
Kuqhubeka umncintiswano, uHlatshwayo waya ocansini noLexi van Niekerk, ahlangana naye endlini kaBig Brother.
Yize noma alala noVan Niekerk, intombi yakhe eyaziwayo uSthandwa Kobile, ubelokhu emlindile ekhaya.
Ekhuluma nabezindaba esehhotela aqube kulo, uthi akakanqumi ukuthi uzokhetha bani.
"Angifuni nokuthi ngize ngikhethe, okungenani ngifuna ukuba umngani nabo bobabili kuze kube nginquma kahle."
Esasohlelweni, wathola ukugxekwa benoVan Niekerk, njengoba baya ocansini bengawasebenzisanga amakhondomu.
"Angeke ngishone le na le ngalokhu esakwenza. Sahlulwa ukuzibamba."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.