Share

Usephila ngokwesaba umsakazi wodumo kwiMetro FM

Johannesburg – Isiphila ngokwesaba inkakha yomsakazi weMetro FM uWilson B Nkosi kulandela ukuthola izingcingo eziyisabisayo ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSowetanlive uNkosi uthi sekuphele isikhathi esingangenyanga ethola lezi zingcingo ezithi “kumele aqaphele ngaSonto ebusuku”.

Kubikwa ukuthi lokhu kuqhamuka ngemuva kokuba lo msakazi wodumo aba nokungaboni ngasolinye nomhleli wemicimbi wasePitoli u-DJ Best ogamalakhe langempela uDitlhakiso Mothabela.

Ngokombiko ingxabano phakathi kwala yaqala ngesikhathi uNkosi ehluleka ukufika emcimbini owabe uhlelwe uMothabela nakuba ayesemkhokhele imali engango-R8000 yokumqasha.

Kubikwa ukuthi uNkosi akazange alubhade kulo mcimbi owabe ungomhlaka 31 kuMeyi eThe Banyard Theatre ePitoli.

Kuthiwa isizathu esenza lo msakazi angalubhadi kulo mcimbi wukuthi kwasetshenziswa isithombe sikazakwabo ongasekho emhlabeni u-Eddie Zondi ukumaketha lo mcimbi.

OLUNYE UDABA: Ukelly Khumalo uchitha awothando olusha

UNkosi kuthiwa usekubeke kwacaca ukuthi ngeke ayikhokhe le mali engango-R8000 ayesekhokhelwe yona ngalo mcimbi.

UNkosi usola uMothabela ngokusebenzisa igama likaZondi ngaphandle kwemvume yomndeni ukumaketha umcimbi wakhe.

Khona manjalo lo msakazi usevule icala lokwesatshiswa emphoyiseni kulandela ukuthola i-email eqhamuka kuMothabeli ebhalwe ukuthi:

“Sengiyifundisisile i-email yakho, umusho nomusho.

Kuyangicacela ukuthi awuzimisele ngokukhokha le madlana yame encane, kulungile Willie.

Zithokozise kodwa kuzocaca ukuthi ubani ozojabula ekugcineni.”

UNkosi uphinde watshela amaphoyisa ukuthi useke wathola izingcingo nemiqhafazo emisabisayo kusukela aba nokungaboni ngasolinye noMathabeli.

UMothabeli uvumile ukuthi usevulelwe icala kodwa wakuphika ukusabisa lo msakazi.

“Ngayibhala i-email kodwa akukho lapho ngimsabisa khona.

Mayelana nezingcingo nemiqhafazo angazi luthi ngayo,” esho.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Moses Maphakela ukuqinisekisile ukuthi nebala lo msakazi usevule icala lokutshiswa esiteshini samaphoyisa eSandton kodwa akukaboshwa muntu.

“Uphenyo luyaqhubeka.”

          - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 550 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 794 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.85
+0.2%
Rand - Euro
20.37
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE