Johannesburg - Abazithamundayo bathi uBucie Nqwiliso, wodumo lwe-Easy To Love, usegcine emtholile umaqondana.
Lo mzwilili oshaya inothi kuhlanye izihlwele, kuthiwa usecelwe ngisho umshado yisoka lakhe.
Kuthiwa lezi zithandani zihlalisana eDouglasdale.
IDrum ikhulume nomthombo osondelene nalo mculi wathi: “Bathandana into oyoze uyilahle. Isoka alidumile yingakho ubudlelwano babo bungagqamile.
OLUNYE UDABA: Ngicela indoda - Bucie
“UBucie uyayikhumula indandatho uma eyonandisa ngoba akafuni kwaziwe ukuthi usethathiwe,” kusho lo mngani.
Kwake kwaduma ukuthi uBucie uthandana nomdlali weKaizer Chiefs, uGeorge Lebese, nokho kwaba yinto yesikhashana.
Ethintwa uBucie uthe akayona ingoduso yamuntu, wathi ukube ubesethenjisiwe ubengeke afihle.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter