Johannesburg- Kubukeka sengathi isihlabani somculo weKwaito, uSipho "Brickz" Ndlovu silandelwa yizindaba njengoba sithi sivika ngapha kuqhamuke okunye-asikutholi ukuphumula.
Lesi sihlabani okuqulwa icalala laso lezinsolo zokudlwengula kuthiwa besiboshelwe ukuzama ukubulala isinqandam,athe saso ngoJuni.
OLUNYE UDABA: 'Ubungathi uhobo ecela imali, uBrickz ecela usizo'
Kubikwa ukuthi uBrickz akamuhle neze ephaketheni kanti futhi usanda kudalula ukuthi ukholelwa ekutheni kukhona abamakhela uzungu.
"Kunabantu abanami shaqa njengoba lo wesifazane othi ngimsongela ngokumbulala unenkinga nami kanti fuhti kunabantu langaphandle abangakhela uzungu," kusho uBrickz etshela abeDrum.