Johannesburg – Usomahlaya wase-Uganda kodwa ozinze eNingizimu Afrika uDavid Kibuuka uzojoyina uTrevor Noah ohlelweni iComedy Central The Daily Show ngokusho kombiko.
Ngokubika kwe-eNCA abeComedy Central badalule ukuthi uKibuuka uzojoyina uNoah njengombhali wamahlaya kulolu hlelo lwaphesheya kwezilwandle oludume umhlaba wonke.
Ephawula ngokuqashwa kwakhe kulolu hlelo uKibuuka uthe:
OLUNYE UDABA: Usinde ngokulambisa umculi wejazz edutshullwa
“Okwamanje angikavumeleki ukuphawula ngalolu daba…
Ngisalinde abaphathi balolu hlelo ukuthi bamemezele ngokusemthethweni.”
Khona manjalo uLoyiso Gola obesebenza noKibuuka ohlelweni lwaku-etv iLate Night Show kubikwa ukuthi kungenzeka ajoyine uhlelo lwamahlaya lwase-Australia olubizwa nge”The Weekly with Charlie Pickerin”.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho