Cape Town- Usomahlaya waseBrithani uJimmy Carr, uthukuthelise abantu ngesikhathi ethi ushaya amahlaya kanti usephuma eceleni , ethi unobuhle wakuleli uReeva Steenkamp owabulawa yisoka lakhe u-Oscar Pistorius, wazeza.
UCarr ubedlulisa indondo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wama-Q Awards, eLondon.
Lo somahlaya ukhulume ngendaba yokulinda ukungena ethoyilethe, wathi uyayibona into eyathukuthelisa u-Oscar, wathi ukube unobuhle akahlalanga isikhathi eside ethoyilethe labakhubazekile, ngabe akumehlelanga okwamehlela, kusho abezindaba ze
Huffington Post.
USteenkamp washona mhlaka-14 Febhuwari, u-Oscar ugwetshwe kuo leli sonto wanikwa iminyaka emihlanu ebhadla ngecala lokubulala ngokungenhloso.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.