Share

Usovalweni unina womsakazi ngemuva kokugqekezelwa

Johannesburg – Uhlalele ovalweni unina wesilomo somsakazi weMetro FM uThabo “Tbo Touch” Molefe kulandela ukungenelwa yizigebengu zeba impahla ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ngokubika kweSunday Sun sekungokwesibili kugasela izigebengu kubo kwalo msakazi ePimville eSoweto  njengoba nangonyaka owedlule ngo-Okthoba kwenzeka esifanayo.

Echaza ngokwenzekile uBubbly Molefe utshele leli phephandaba ukuthi useyasaba ukuhlala emzini wakhe ngemuva kwalesi sigameko.

Uthe usola abafana ababhema isidakamizwa inyaope ngalesi senzo.

“Ngesikhathi ngivuka ngibone umaka wezinyawo ngaqala ngasola ukuthi kukhona okushaya amanzi.

OLUNYE UDABA: UTeko Modise ufuna kuvalwe uhlelo lukamabonakude

Uma ngiqala ngithole ukuthi kunezimpahla ezingekho okubalwa kuzo ukhaphethi wohlobo lwePersian, laptop, ama-CD nama-iPads,” echaza.

Uqhube wathi ngosuku olufanayo baphinde bathola ukuthi kuneminye futhi endaweni nayo egqekezelwe.

ISunday Sun ithole ukuthi impahla eyebile kubo kalo msakazi ingabiza u-R120 000.

“Izimpahla ezebiwe kubalwa nempahla yasendlini ebibekwe egaraji engabiza u-R70 000.

Ngiyabonga ngoba imoto abayithathanga,” esho. 

Uthe abalivulanga icala ngoba sekungokwesibili kwenzeka lesi sigameko kanti ngesikhathi belivulile ngonyaka owedlule akwenzekanga lutho.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1026 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1089 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE