Johannesburg - Kubukeka sengathi zimhambela kahle izinto umlingisikazi ophinde abengusomabhizinisi kanti manje usengelinye lamajaji kanobuhle wakuleli uMiss South Africa uSophie Ndaba odume kakhulu ngelikaQueen Moroka.
Njengamanje uSophie umatasa uzama ukungena kwezamafilimu kanti futhi useqalile ngenkampani yakhe entsha iTegasys Media.
USophie ekhuluma nabeDrum mayelana nokushiya kuGenerations ngesikhathi ebuzwa ukuba ukushiya kuyo kwamenzela phansi uthe: "Nakancane, eqinisweni senginesikhathi esiningi sokwenza izinto ikakhulukazi ezibhekene nezinkampani zami.