Share

Utholelwe 'iwele' uNorth West

 Los Angeles - Abashadikazi uKim Kardashian noKanye West sebeqashe ingane efana ncamashi nendodakazi yabo, ngenhloso yokudidisa ondaba abazobe bezama ukuyithwebula izithombe.

Onontandakubukwa laba bathi benza lokhu ngenhloso yokuvikela indodakazi yabo uNorth West, baqashe ingane ezokhokhelwa u-$500 000.

Abazali bathi sebekhathele ukuvika abezindaba abazama ukuthwebula indodakazi yabo enonyaka nenyanga ubudala.

Umthombo ongathandanga ukudalulwa igama, utshela abaphephabhuku iBritain's Grazia wathi: "UKim noKanye sebeqashe umuntu ukuze abheke uNorth amuvikele kwabezindaba. Kube nenhlolokhono la kutholakale khona ingane efana ncamashi noNorth, ekuzodidiswa ngayo abezindaba.

Kuqashwe nomzanyana ocishe afane noKim.

UNorth akasiyo ingane yosaziwayo yokuqala ukuba itholelwe "iwele", ngonyaka ophelile uSuri Cruise oyindodakazi kaTom Cruise nowayengunkosikazi wakhe uKatie Holmes, naye watholelwa ingane efana naye ngenhloso yokudidisa ondaba.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 860 votes
No! It's time to move on ...
33% - 421 votes
Vote
Rand - Dollar
18.87
+0.8%
Rand - Pound
23.61
+0.8%
Rand - Euro
20.22
+0.9%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.5%
Platinum
923.20
-0.3%
Palladium
969.50
-2.1%
Gold
2,344.93
+0.5%
Silver
27.57
+0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,189
+1.1%
All Share
75,121
+1.1%
Resource 10
62,902
+1.3%
Industrial 25
103,489
+0.9%
Financial 15
15,994
+1.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE