Johannesburg – Uwola izindondo umdlalo weshashalazi iMarikana- The Musical emcimbini wamaNaledi Awards obuseLyric Theatre eGold Reef City eGoli ngokusho kombiko.
Ngokubika kweDaily Sun lo mdlalo owakhiqizwa u-Aubrey Sekhabi ugoduke nezindondo eziyisithupha kulo mcimbi wekhethelo obungoLwesibili kusihlwa.
U-Aubrey ngokwakhe ugoduke nezindondo zeBest Director neBest Score.
OLUNYE UDABA:IBig NUZ ikhathezekile ngokuya eZimbabwe
Ezibongela ngalezi zindondo u-Aubrey uthe “Ngiyabonga kakhulu kumajaji alo mcimbi, kwithimba engisebenze nalo uMeshack Mavuso ngokuhola leli thimba no-Aubrye Poo ngokuba yisibonelo esihle.”
Eminye yemiklomelo etholwe yilo mdlalo kubalwa i-Best Performancer in aMusical, Best Set Design neBest Original Choreography.
Lo mdlalo ukhuluma ngesigameko saseMarikana sango-2012 sesiteleka sezisebenzi zasezimayini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho