isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Uya kude uZama Ngcobo

Ngu: Puleng Moloi, Daily Sun 2012-07-12 10:03
Johannesburg - Zibukeka zihamba ngononina izinto kuZama Ngcobo osemizamweni yokuba ngumethuli wohlelo lukambonakude i-Top Billing, esakazwa kuk-SABC3, njengoba esengene kwabayishumi abaphezulu.

UMaNgcobo wake waba ngumethuli wezinhlelo ku-SABC1, waphinda waba ngumsakazi oKhozini FM.

“Njengabo bonke abanye abangenele umncintiswano, ngiyakuthokozela ukuthi sengifike kuleli zinga, ngiphokophele ukuzibonakalisa," echaza.

“Ukwethula izinhlelo yinto yami.”

Ekhuluma nephephandaba iDaily Sun uthe uma ephumelela ufuna ukuhambela amazwe, abone izindawo ezifana neBora Bora, okuyisiqhingi esingaphandle kwaseFrance.

“Ngigqugquzeleke kakhulu. Ngifuna ukuzama ngihluleke khona. Ngiyazazi ukuthi ngisukaphi ngiyaphi. Ngingenele lo mncintiswano ngoba ngifuna ukuzizwa amandla,” ezikhulumela ngowakhe.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


Daily Sun
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)