Share

Uyanyanyisa uKenny Kunene - OweMetro FM

Johannesburg – Umsakazi weMetro FM uCriselda Kananda usezwakalise ukunengeka ngosomabhizinisi uKenny Kunene njengoba elibeke ngembaba ukuthi akabahloniphi abantu besifazane.

“UKenny uyanyisa,” kusho lo msakakazi obuye abe yisishoshovu esilwela amalungelo abantu.

UKananda ubegxibha lo somabhizinisi wodumo lukaSushi King ngemuva kodaba olushicilelwe yiphephandaba eliphuma ngeSonto iSunday Sun lapho edalule ukuthi uyazisola ngokujola nomlingisi uSophie Ndaba nomsakazi woKhozi FM uZama Ngcobo.

Kulo mbiko uKunene wacashunwa ethi wazitika ngocansi ngalabo saziwayo futhi uyazisola ngalokho.

UKunene utshele leli phephandaba ukuthi uneka wonke amahlazo alabo saziwayo encwadini yakhe ezophuma ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: Umculi uvele enkantolo ngelemoto eyebiwe

Ekhuluma neDaily Sun uKananda uthe:

“Sekwanele manje! Njengomuntu wesifazane ngeke ngikwazi ukuhlala phansi ngimubukele ehlambalaza abanye abesifazane.

Kumele akhunjuzwe ukuthi laba besifazane akhuluma ngabo bangomama futhi banabo abantu abahlekisana nabo.

Bazobukeka kanjani emphakathini uma yena ezobahlambalaza encwadini yakhe?”  

Ethintwa uKunene uphendule wathi ngoKananda.

“UCriselda ungumuntu wokugcina ukuthi angakhuluma ngami.

Kumele abhekane nempilo yakhe.

Ngihlale njalo ngimhlonipha kodwa uzoba nenkinga enkulu uma ezigxambukela ezindabeni zami,” kusho uKunene ngokucasuka.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 379 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 521 votes
Vote
Rand - Dollar
18.93
-0.2%
Rand - Pound
23.90
-0.0%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
907.85
+1.2%
Palladium
1,012.25
+1.1%
Gold
2,218.87
+1.1%
Silver
24.85
+0.8%
Brent-ruolie
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE