Los Angeles – Undabuzekwayo onguNicki Minaj ukuphindile lokho ngesikhathi eshutha i-video yeculo lakhe elisha i-Anaconda.
UNicki Minaj ubonakala ejwiba umlenze esantuza namantombazane adansa nawo begqoke eziveza umzimba, kuthi ngasekugcineni adansele uDrake, osala ebonakala ukuthi uphithene ikhanda.
I-video isakazwe okokuqala ngqa ngoLwesibili ebusuku kanti kuthe kusa bonke abathanda umculo wale nkosazana bese bekhuluma ngayo.
UNicki nabadansi bakhe befequza baze babambane, baphinde bapansane, aphinde abonakale ehleka kubonakala ukuthi uchazekile.
Ingoma i-Anaconda ingenye yezingoma ezizotholakala kjwi-album, iThe Pink Print
Zibonele uNicki Minaj enza into yakhe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.