Cape Town - Izinto kuthiwa azibahambeli kahle abeqembu i-Kwela Tebza, kubike iSowetanlive ngoLwesihlanu.
Ngokusho kwemithombo laba abathathu babuyele eSoweto ngenxa yokuthi bebengenayo indawo yokuhlala..
Umngani wabo uthi sekuphele iminyaka laba belokhu becuphe kubangani noma kubantu abathandana nabo kanti sekudingeka bavuke emaqandeni, bangaze baphaphame emva kwendaba.
Omunye umthombo nawo ukuqinisekisile ukuthi ngonyaka odlule uTshepo noMpho Lerole, baxoshwa kabuhlungu efuletini lomngani wabo eGoli ngoba basebengazami nokukhokha.
Omunye uthe inking yamalungu e-Kwela Tebza, ukuthi awafuni ukwamukela eminye imisebenzi engahlanganise lutho nomculo.
Eminye imithombo ithe uTebogo Lerole ubehlala noKhanyi Mbau kubo eDiepkloof, eSoweto.
"Bathwele kanzima, akekho kubona onemoto manje. Abayifuni imisebenzi ezobasebenzisa ngoba lokho kuzobenza bangabi osaziwayo,” kusho umthombo.
Imithombo ithi uTebogo usephila ngokwenzela uKhanyi Mbau imisebenzi yasekhaya.
Lo mculi uthembise iSowetan ukuthi uzoyikhombisa umuzi wakhe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi asikho isizathu sokuthi angatshengisa iSowetan lapho ahlala khona.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.