Likhuphuke kakhulu izinga likaMaskandi futhi kuyabonakala ukuthi akekho umculi ofuna ukusala yedwa enza into ebheke eceleni.
Ngisho namavukane abeshaya into enhle kabi. Sibone impela noNgelo V eyihlaba.
Kuke kwabe nesixakaxaka abalandeli bomculi oyedwa behilizisana namaphoyisa baze bacelwa ukuthi ababuyise izikhwama zamaphoyisa.
Okwenziwe wuMkhathazi izolo kushiye abantu bengawuvali umlomo, impela kukhulu okuzayo ngoba kuyabonakala ukukhula kwalo mculi.
Kunconywe uBahubhe ngokuhlonipha umsebenzi wakhe. Lo mculi ufike washaya ingoma waphuma kahle esiteji, lutho ukukhuluma izindaba.
Bavele basangana abantu ngoQhosha, hhaybo kanti phela noSgwebo naye wenze lezi adume ngazo.
OLUNYE UDABA:Kusuke isidumo kwaqhuma nempama kowomasikandi ngenxa ka'Saaah'
UThokozani “Somnandi” Langa uyena ovule uLive washaya into ecokeme kakhulu kwajabula abathandi bomculo. U-Ali Mgube ungene wenze amawololo kwagxumagxuma abantu umfokaNdukuzempi.
IMfez’mnyama ushisa bhe ushaye zonke izintambo kwathokoza abantu. Osaziwayo, ezeNkosi yaKwabuyephethe uDSD wamzwe ngamazwe, wenza lokhu adume ngakho.
IZingqongqo hhayi zishaye intambo kwacaca ukuthi leli gama abalitholanga ngephutha. Awusukanini madoda wena owabona iChalaha. Wena owabona umbala o-Lime undizela phezulu kudlala ezeNdidane.
Kuvele kwacaca bha ukuthi kungani uShwi noMntekhala bethathwa njengeqembu lesizwe ngoba cha bahamba bodwa, bawubeke ezingeni eliphezulu kakhulu umculo wesintu.
Hhhayi sihlale sizwa ukuthi uMthandeni uyawushaya u-live, kodwa akwenze izolo ubonisile ukuthi ukhule kakhulu kulo mculo. Hhayi Bebegcwele bengangoZulu ebuya emakheni abalandeli bakaKhuzani bayithatha kanjalo inkomo.
Impela akukho ukuthi ungakhetha ukuthi ubani odlale kangcono kunobani, bonke abaculi abebekhona izolo bazibonakalisile futhi iyancomeka nendlela abalandeli abaziphathe ngayo.
Yize kuke kwaba nesixakaxaka abalandeli bomculi oyedwa behilizisana namaphoyisa kwaze kwamenyezelwa ukuthi ababuyise izikhwama zamaphoyisa, kodwa abekho abaphume endleleni.
Ngaphandleke kokuphoxeka kwabaningi, ngezigameko ezenzeke ematekisini nasezimotweni, kodwa bebezijabulisa nabo ngendlela yabo abanye abalandeli.
Konke kuhambe kahle ngaphandle kokulimala komunye wabalandeli baMageza Amahle ogcine ngokushone eshayiswa yimoto usuphelile umcimbi.