Johannesburg – Iningi labalandeli bama-Idols usuku lwangeSonto bekungolumnandi kakhulu ngesikhathi uKarabo edla umhlanganiso kulo mncintiswano wokuvundulula ikhono lokucula.
UKarabo Mogane, 22, waseMpumalanga waphuma phambili ngamavoti angu-79 million.
Kepha labo abebenethemba lokuthi kuzonqoba uMmatema Moremi bathi kukhona umkhoshosho owenzekile.
Abanye babalandeli baMoremi basole abesifazane ngokungesekani.
Lapho uMoremi edabuka khona, eZebediela, eLimpopo, abalandeli bakhe bahlanganela eGa-Andy ukuzobhiyozela ukunqoba kwakhe ingakamenyezelwa ngisho imiphumela.
OLUNYE UDABA: Ngabe uzodlulela ku-top 3 owesifazane kowama-Idols?
Kwathi uma sekumenyezelwa owinile kwehla iziqhomo, abantu babonakala bekhihla isililo.
Ugogo kaMoremi, uSara Tlomatsana, 61, uthi kuyajabhisa ukuthi umzukulu wakhe anganqobi ngoba usebenze ngokuzikhandla.
“Ikusasa lakhe liqhakazile emculweni, ngizoqhubeka ngimeseke,” kusho uLovey
Modima.
OwakwaM-Net uLani Lombard uthe ama-Idols akulo nyaka ahehe amavoti amaningi ukwedlula yonke iminyaka, wathi akangabazi ukuthi abanye abantu abajabule ngemiphumela.