Durban – Umculi wowokholo, uSfiso Ncwane, kuthiwa washiya abalandeli bakhe bedangele emcimbini amaCrown Gospel Awards ngesonto eledlule.
Isixuku sabalandeli bakhe sasilindele lesi sihlabani ukuthi sihambe kukhaphethi obomvu eHilton Hotel, eThekwini, ukuze bezokwazi ukumbingelela.
Kepha wathi eseqhamuka lo mculi kwacaca ukuthi akafuni ukuthathwa izithombe, kubika iSunday Sun.
Kuthiwa uNcwane wadlula ngehubo kubalandeli bakhe ezifihle ubuso ngekepisi, wanqaba nokuthatha izithombe nabo.
OLUNYE UDABA: ‘Akuyona imfihlo ukuthi uSfiso Ncwane wathwala ngathi’
Umlandeli kaNcwane waseMthwalume, uMandlakazi Khumalo uzwakalise ukuphoxeka kwakhe wathi: “Useshintshe kakhulu uSifiso, uhlezi emuncu nje manje akasanaso ngisho isikhathi sabantu okuyibona abamesekayo.
“Akukhona okokuqala enza lokhu. Emasontweni amabili edlule wafika kubo wahlala emotweni yakhe, sathi uma sicela ukuthatha izithombe naye wathi umatasa,” kuqhuba uKhumalo.
Ethintwa uNcwane uthe izintatheli ziyathanda ukubhala okungekuhle ngaye, wase ebeka phansi ucingo.