Durban - Kumanzi phansi, abalingisikazi bohlelo oluyintandokazi Isibaya beyixavatha, kubika iDrum.
Umama uThandi Nyandeni kanye noCeleste Ntuli babonisa abantu abasha ukuthi kuguga othandayo lapho bedansa khona into engasukumi phansi.
Le vidiyo ibonakale enkundleni yezokuxhumana u-Instagram, ifakwe umlingisi obuye abe usomahlaya uCeleste Ntuli odlala indawo kaSiphokazi kulolu hlelo.