Johannesburg – Akukapheli ngisho izinyanga ezinhlanu umculi weqembu lombhaqanga, iSoul Brothers, uDavid Masondo, angcwatshwa - kepha izingane zakhe sezibanga amafa.
UNkosinathi noSiphamandla Masondo kuthiwa babanga umuzi kababa wabo oseGoli.
Imithombo esondelene nalaba ithi uNkosinathi udinwe uyaveva yisenzo sikaSiphamandla okuthiwa uyithatha yonke imali yerenti engu-R16 000 ngenyanga.
“UNkosinathi kuyamdina kakhulu lokhu ngoba uSiphamandla uyidla yedwa le mali. Uthi akumele amoshe imali ezintweni eziwubukhazikhazi ekubeni ezinye izingane zakubo zeswele,” kuqhuba umthombo.
OLUNYE UDABA: 'Kwagajwa unkosikazi kaMdavu kwaziliswa intombi'
Omunye umthombo uthe uSiphamandla wathatha le mali wathengela ngayo umngani wakhe ubutsetse bemoto.
Kuthiwa uNkosinathi wadinwa wase ethatha izibhamu ezimbili zikababa wakhe ezisemthethweni – okwenza uSiphamandla asabele impilo yakhe.
Zombili lezi zelamani zinqabile ukuphawula ngalolu daba.