Johannesburg – Kuthiwa uphenduke ifestivali umcimbi wokwethula ngokusemthethweni i-albhamu kaShwi noMtekhala ethi Ngingumoni, ehostela laseBuyafuthi eGoli.
Lezi zihlabani ezashisa izikhotha ngeculo lazo elithi Ngafa, zibonge ukuphuma kwabalandeli kulo mcimbi obungoMgqibelo, kubika iphephanda Ilanga.
UZwelenduna “Mtekhala” Magubane uthi iyajabhisa eyokubona abaculi bengqofana ngamagama bekade besebenza ndawonye kukuhle.
OLUNYE UDABA: Usobishini umculi kamaskandi ocula ngabokufika
Uthe uyafisa sengathi abaculi bangabukela kubo, baphathane kahle.
“Akekho umuntu oyofika afake unyawo olunodaka kule nto yethu, ngoba simoya munye.Sifisa ukuthi nabanye abaculi babukele kiuthi.”
Ube esebonga abalandeli ngokwethembeka kubo yonke le minyaka