Cape Town – Usomahlaya wakuleli uTrevor Noah usehoxile ekushayeleni uhlelo lwamaMTV Africa Music Awards (MAMAs) 2016, ngenxa “yokuxinwa umkhuhlane nokuphathwa yindlebe”.
AmaMAMAs azobanjwa ngoMgqibelo mhlaka-22 Okthoba eTicketpro Dome.
Lo methuli weThe Daily Show eMelika wenze lesi simemezelo esishiye abaningi beshaqekile enkundleni yezokuxhumana uFacebook.
Kulesi sitatimende asikhiphile uchaza ngokungaphili kwakhe nokuthi udokotela umyalele ukuthi kumele aphumuze iphimbo lakhe.
Uqhube ngokuthi le ndaba imphethe kabi kakhulu ngoba ubezimisele ukuba yingxenye yalo mcimbi omkhulukazi.
Kuvele ukuthi indawo yakhe izovalwa nguBonang Matheba.
Nasi isitatimende ngezansi:
So sorry everyone...Please read below, far too much to tweet. #MTVMAMA2016 @MTVBaseAfrica @MTVBaseSouth pic.twitter.com/hPzpbvqWbC
— Trevor Noah (@Trevornoah) October 21, 2016