Johannesburg - Igcine iphenduliwe imithandazo yabaculi bokholo uSfiso Ncwane noRebecca Balope ngemuva kokuboshwa kwendoda ebiqola ngamagama abo.
USfiso noRebecca bavula amacala ahlukene esiteshini samaphoyisa aseMidrand ngo-Okthoba ngonyaka ophelile bethi kunomuntu oweba izinombolo zabo zocingo iphinde iqole abantu ngamagama abo.
Kugcinwe indoda eneminyaka engu-31 esitokisini ngecala lokukhwabansia ngemuva kokuba inqatshelwe ibheyili enkantolo yamacala ezohwebo eGoli ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: Sebeqola ngegama likaKelly
Okhulumela amaphoyisa aseMidrand uMatome Tlamela uqinisekise ukuthi indoda izinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko kanti njengamanje igcinwe esitokisini.
Le ndoda ibinokushayela ucingo abangani bakaRebecca noma bakaSfiso ithi basenkingeni badinga imali; baboshiwe badinga imali yebheyili, kubika iSundayWorld.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter